Selidume ladlula ngokumenyezelwa kwabadle umhlanganiso emcimbini waminyaka yonke wokuklomelisa ngezindondo abadlali bebhola lezinyawo abavelele emhlabeni wonke ama-Best FIFA Football Awards.
Lo mcimbi obulokhu ubhekwe ngabomvu nobuwubukhazikhazi ububanjelwe eLondon ngongoMsombuluko kusihlwa.
INingizimu Afrika ibibheke ngabomvu ukuthi igoli elinguqethu likanozinti weBaroka FC u-Oscarine Masuluke lizowudla yini umhlanganiso njengoba beselisele namathathu okukhethwe kuwona. UMasuluke washaya leli goli elinguqethu ngomzuzu wokugcina ngesikhathi ezakhe zitholene phezulu ne-Orlando Pirates ngesizi edlule.
Ubencintisana nomdlali we-Arsenal u-Olivier Giroud waseFrance kanye noDeyna Castellanos ongumdlali webhola labesifazane waseVenezuela.
Nokho izinto ziphinde zangamhambela kahle lo nozinti njengoba le ndondo igcine igoduke no- Olivier Giroud odlalela i-Arsenal.
FUNDA NALOLU DABA: Sekusele amahora kumenyenzelwe owine iFIFA Puskas Award, kubhekwe oweBaroka
Njengoba bekulindelekile, intandokazi yomdlali we-Real Madrid uCristiano Ronaldo kanye nomqeqeshi wakhe uZinedine Zidane badle umhlanganiso emkhakheni we-The Best FIFA Men’s Player kanye ne-Men’s Coach ngokulandelana. Lesi sethenjwa somdlali ongowokudabuka ePortugal bese kungokwesibili sikhala semuka nale ndondo iminyaka ilandelana.
Ngale kwalokho kuphinde kwamenyezelwa nabadlali abangu-11 abahamba phambili emhlabeni wonke. Laba badlali ngu-Gianluigi Buffon; Dani Alves, Leonardo Bonucci, Sergio Ramos, Marcelo; Toni Kroos, Andres Iniesta, Luka Modric; Cristiano Ronaldo, Lionel Messi kanye noNeymar.
Zibonele ngezansi uhlu oluphelele lwabadlali abawinile nakweminye imikhakha:
Men’s Player: Cristiano Ronaldo
Women’s Player: Lieke Martens
Men’s Coach: Zinedine Zidane
Women’s Coach: Sarina Wiegman
Goalkeeper: Gianluigi Buffon
Puskás Award: Olivier Giroud
Fan Award: Celtic supporters
Fair Play Award: Francis Kone
World11: Gianluigi Buffon; Dani Alves, Leonardo Bonucci, Sergio Ramos, Marcelo; Toni Kroos, Andres Iniesta, Luka Modric; Cristiano Ronaldo, Lionel Messi, Neymar.
Thanks for having us, London!#TheBest pic.twitter.com/bONxfRRjJP
— #TheBest (@FIFAcom) October 23, 2017
Congratulations, #CristianoRonaldo!
Winner of #TheBest FIFA Men’s Player 2017 pic.twitter.com/agzK4mBaci— #TheBest (@FIFAcom) October 23, 2017
FIFA Puskas Award winner 2017: @_OlivierGiroud_
Congratulations Oli, we’re all proud of you #TheBest#NaNaNaNaa pic.twitter.com/JZfuTf9NOC
— Arsenal FC (@Arsenal) October 23, 2017
Photobooth fun ahead of #TheBest ceremony pic.twitter.com/UE0dj4eOap
— #TheBest (@FIFAcom) October 23, 2017
Cristiano is #TheBest again. pic.twitter.com/VXqHqlYEuZ
— Troll Football (@TrollFootball) October 23, 2017
#TheBest voting totals:
#Cristiano: 43.16%
#Messi: 19.25%
#Neymar: 6.97% pic.twitter.com/dhwZ71n31N— B/R Football (@brfootball) October 23, 2017
The most valuable selfie in the world! #TheBest pic.twitter.com/v5glQAcgSX
— Goal (@goal) October 23, 2017
Ronaldo’s 2017 has been better than yours #TheBest pic.twitter.com/LNIzTVDWy4
— B/R Football (@brfootball) October 23, 2017
Safe to say Cristiano is enjoying his second FIFA #TheBest award. pic.twitter.com/BZM3jZciN1
— InfoCristiano (@InfoCristiano) October 23, 2017
| Back to back! #TheBest pic.twitter.com/sePOIzYtG3
— RMadrid Edition (@RMadridEdition) October 23, 2017
Image: Wikipedia