Inkatha Freedom Party (IFP) isimemezele ukuthi lowo oyiSekela Mengameli kule nhlangano Inkosi Elphas Mzamo Buthelezi usezojoyina ikhokhasi yaleli qembu ePhalamende njengeLungu lePhalamende kusukela ngomhlaka-1 November 2017.
Lesi simemezelo senziwe nguMengameli we-IFP nophinde abe yiLungu lePhalamende uPrince Mangosuthu Buthelezi ngoMsombuluko.
“Siyabonga kakhulu kuSekela Mengameli kobuholi abunikezile njengeMeya yaseZululand District Municipality. Ngesikhathi abavoti bebuyisela i-IFP emandleni eDistrict Municipality, ngo-2016, sasazi ukuthi kuzoba nomthamo omkhulu womsebenzi ozokwenziwa ukubuyisela ukusebenza ngaphandle kwezihibe kanye nobuqotho kulo masipala obalulekile. USekela Mengameli wethu wavuma ukunikeza ubuholi bakhe ukuqinisekisa ukuthi i-district yonke iyazuza ekukhuleni kwe-IFP,” kusho iNkosi Buthelezi.
FUNDA NALOLU DABA: Ukungalingani yikho okudala ukucwasana – Buthelezi
Uthi lesi yisikhathi esihle impela sokuthi uSekela Mengameli weqembu ajoyine ubuholi bukazwelonke beqembu ePhalamende.
“Njengoba amanye amaqembu enza, i-IFP iyakuqonda ukubaluleka kokuba nabo bobabili uMengameli kanye noSekela Mengameli ePhalamende. Lokhu kuqinisa ubuholi iqembu elikwazi ukubunikezela ezingeni likazwelonke.
“Njengeqembu elisebenzela iNingizimu Afrika yonke, i-IFP ijabule ngokuba noSekela Mengameli wethu ejoyina ikhokhasi yethu yasePhalamende.”
Khonamanjalo i-IFP iphinde yaveza nokuthi kuyimanje iphezu kohlelo lokuqoka iMeya entsha yase-Zululand njengoba kufanele yenze kanjalo ngokwe-Electoral Commission of South Africa. “Okwesikhashana, uSekela Meya wethu, uKhansela Kunene, uzosebenza njengeMeya ebambile e-Zululand District Municipality.”