EZINGENA MANJE: Isikususile lokho i-EFF ePhalamende, bashiye abangalazi kuGigaba

AmaLunga ePhalamende e-EFF asenze lokho adume ngakho ePhalamende ngaphambi kokuqala kwenkulumo ebhekwe ngabomvu neqhubekayo kaNgqonqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba yesabelomali esincane samaphakathi nonyaka ngoLwesithathu ntambama.

USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ubelokhu ekhuza ekhuzile amalunga e-EFF abelokhu eqhubeke njalo nokugadla ngamazwi kuGigaba, uMengameli Jacob Zuma kanye nomndeni wakwaGupta yize noma uSomlomo ebewacela ukuba ahlale phansi.

UMbete ukubeke kwacaca ukuthi angeke baze bayibekezelele nakancane i-EFF, wathi futhi angeke alokhu eqophisana nabo.

USotswebhu we-EFF uFloyd Shivambu ushaye phansi ngonyawo wathi beyi-EFF angeke baze bamvumele uGigaba ukuthi akhulume ngoba kuyimanje izwe lisesimweni senhlekelele ngenxa yakhe.  

FUNDA NALOLU DABA: Amehlo athe njo kuMalusi Gigaba

Amalunga e-EFF agxeke kakhulu uGigaba ngalokhu akubiza ngokuba yisicashalala sabakwaGupta nokuthi uqhuba inkohlakalo.

UMbete ucele usizo lonogada basePhalamende ukuba bazokhipha amaLunga ePhalamende e-EFF okubalwa kuwo uShivambu kanye noMbuyiseni Ndlonzi. UShivambu uthi bona angeke baphume ePhalamende ngoba bavotelwa ngabantu baseNingizimu Afrika.

USotswebhu we-ANC uJackson Mthembu ugxeke i-EFF ngokusebenzisa izinto zangasese ukwehlisa isithunzi sikaNgqonqoshe, wathi lukhona uhlelo lokwenza isiphakamiso uma ngabe kunezinsolo ngoGigaba. UMthembu unxuse abe-EFF ukuba bathobele umthetho noma baphume baphele.

Abe-EFF bagcine bephumile ngaphambi kokuba kukhulume uGigaba nalapho bethe bona angeke balokhu belalele ‘inkohlakalo’ nabathi ungqondongqondo wayo uMengameli Zuma.

Image: Youtube

Related Posts