I-SAA izogixabezwa ngomunye u-R4.8 billion

Inkampani yezindiza yakuleli iSouth African Airways (SAA) izophinde igixabezwe ngesinye futhi isamba sika-R4.8 billion esivela kuhulumeni ngo-March wangonyaka ozayo.

Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba ngoLwesithathu ngesikhathi ethula iMedium Term Budget Policy Statement ngoLwesithathu ePhalamende.

I-SAA kulindeleke ukuthi itakulwe ngasamba semali engu-R10 billion isiyonke – njengoba isivele isinikeziwe u-R5.2 billion wokuyitakula.

FUNDA NALOLU DABA: Uhulumeni uzodayisa ama-shares akhe kwa-Telkom

Le mali kulindeleke ukuba isetshenziselwe ukukhokhela izikweleti zale nkampani ngenhloso yokunciphisa izindleko ezidalwa yinzalo yemalimboleko (interest).

I-SAA idonsa kanzima ukukhokhela izikweleti zayo kanye nokukhokhela labo abayenzela imisebenzi eyehlukene njengoba kuthiwa icwile ezikweletini.

Ngaphambilini uGigaba wamemezela ukuthi uhulumeni ubheka izindlela ongatakula ngazo le nkampani yezindiza.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts