Kuthiwa akathole usizo umculi weKwaito ovulelwe icala lokushaya umama wengane

UMnyango wezabesiFazane usululeke isihlabani somculi weKwaito uMdu Masilela ukuba afune usizo ukuze akwazi ukulawula ulaka kulandela ukuvulelwa icala lokushaya ngumama wengane yakhe okuthiwa inezinyanga ezingu-8 ubudala uSibahle Dlamini.

Ngokwemibiko yabezindaba, uMasilela uvelele isibhaxu kuDlamini ngoMgqibelo ebusuku kulandela impi okuthiwa ibishubile phakathi kwalaba bobabili.

Lo mculi ube esezinikela emaphoyiseni nokulandele ngokuthi avele eHillbrow Magistrate’s court nalapho ebe esededelwa khona ngebheyili ka-R500.

Ngaphambilini kulo nyaka, kubikwa ukuthi lo mculi ongaconsi phansi ikakhulukazi kwabesifazane waboshwa ngezinsolo zokuthi wasabisa ngokubulala unkosikazi wakhe, uSarah Masilela.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Ziputshuke zagcwala ezinkundleni zokuxhumana ezomshado kaMinnie noQuinton

Wabe esebekwa icala lokuzama ukubulala elimayelana nezinsolo zokuthi wadonsa isibhamu esho ukumqeda unkosikazi wakhe nalapho okuthiwa wayedubula amahlandla emoyeni ngendlela engalawuleki.

UMnyango uthi yize noma uMasilela engakatholwa enecala yinkantolo yezomthetho kodwa kuyakhathaza kakhulu ukuthi lo mculi usebandakanyeke ezigamekweni ezimbili esezisuse umsindo nalapho kusolwa khona udlame olubhekiswe kwabesifazane.

“UMnyango wezabesiFazane ungathanda ukunxusa uMasilela kanye namanye amadoda amaningi afana naye ukuba afune usizo oluqeqeshelwe oluzosiza ekulawuleni ulaka.

Amaphoyisa aphenya icala lokushaya elibhekene nalo mculi, nokulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo ngoNovember.

Image credit: Mdu Masilela Twitter Account

Related Posts