Uhulumeni uzodayisa ama-shares akhe kwa-Telkom

UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba usememezele ukuthi uhulumeni uzodayisa ingxenye yobunikazi (shares) yakhe esikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana kuleli uTelkom ngenhloso yokubhekana nokushoda ngo-R3.9 billion kwemali esetshenziswa uhulumeni.

UNgqongqoshe udalule lokhu ngesikhathi ethula iMedium Term Budget Policy Statement ngoLwesithathu ePhalamende.

UGigaba uthe ukusetshenziswa kwemali kahulumeni kusebungozini kulo nyaka ngenxa yokuxhaswa ngemali kwenkampani yezindiza yakuleli i-South African Airways (SAA) kanye ne-Post Office.

FUNDA NALOLU DABA: EZINGENA MANJE: Isikususile lokho i-EFF ePhalamende, bashiye abangalazi kuGigaba

Uthe uhulumeni uzodayisa ingxenye ethile yama-shares akhe akwa-Telkom ukugwema ukuthi angagcini esesebenzise imali ngokweqile, wathi kodwa uzokwazi (uhulumeni) ukuthi abuye awathenge futhi esikhathini esizayo.

I-SAA kulindeleke ukuthi itakulwe ngasamba semali engu-R10 billion isiyonke – njengoba isivele isinikeziwe u-R5.2 billion kanti izophinde inikwe omunye futhi u-R4.8 billion ngo-March. Ngaphezu kwalokho kuzophinde kutakulwe ne-SA Post Office ngesamba semali engu-R3.7 billion.

Related Posts