I-DA ifuna kuphoqwe uZuma ukuba adedele umbiko we-Fees Commission

I-Democratic Alliance isiyenze imizamo yokuba kuphoqwe uMengameli Jacob Zuma ukuba akhiphe umbiko osekunesikhathi ulindelwe we-Fees Commission njengoba imsola ngokuthi usewugodle ‘isikhathi eside’.

ICommission of Enquiry into University Fees yasungulwa nguMengameli uZuma ngo-2015 ukuze ibheke ukuthi ingakhoneka yini imfundo yamahhala kuleli kulandela imibhikisho yabafundi basezikhungweni zemfundo ephakamene ngaphansi komkhankaso we-#FeesMustFall.

“Eqinisweni, usebambelele kuwona ngaphezu kwezinsuku ezingu-50 manje, ngenkathi abafundi kanye nezikhungo zemfundo ephakeme bephoqeleka ukuba babambe umoya,” kusho iDA.

FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa iningi imali emoshwa kubafundi abagida ndawonye ezikhungweni

Leli qembu lithi selibhalele oyi-Chairperson of the Portfolio Committee on Higher Education and Training, uConnie September, imcela ukuba aphoqe uMengameli noma abammele, ngendlela yokubizela ngenhloso yokuvela ngaphambili, ukuba akhulule umbiko we-Commission of Enquiry into University Fees kumalunga ePortfolio Committee ngokukhulu ukushesha.

I-DA ithi uSihlalo unikezwa amandla u-Section 56 woMthethosisekelo nothi isiShayamthetho sikaZwelonke noma yimaphi amanye amakomiti aso bangabizela ngaphambili noma ngabe yimuphi umuntu ukuba avele ngaphambili azonikeza ubufakazi obufungelwe noma akhiphe amaphepha.

Leli qembu lithi ukubambezeleka kokukhishwa kwalo mbiko sekube nomthelela ongemuhle ekutheni amanyuvesi angakwazi ukuhlelela unyaka wokufunda ka-2018 njengoba edunguza ebumnyameni ngokuthi azothola malini. Lithi lokhu kwenza ukuthi nabafundi bangazazi ukuthi bami kuphi.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts