UMnyango wezabesiFazane usuzwakalise okukhulu ‘ukushaqeka’ kanye ‘nokunyanya’ kulandela ukuvela kodaba oluveza izinsolo zokuthi umsebenzi wasendlini e-Bronkhorstspruit udlwengulwe ngumqashi wakhe maqede wamphoqa ukuba enze ucansi nenja yakhe.
UMnyango uthi umbiko wokuthi lo wesifazane uphoqwe ukuba enze ucansi nenja ngemuva kokugilwa umsolwa uyinhlamba.
Kulo mbiko we-News24 ngoLwesithathu kucashunwe uCaptain Mavela Masondo ethi umsolwa uhudulele lo msebenzi wasendlini egunjini nalapho kuthiwa ube esemdlwengula khona kwaze kwaba yizikhathi zasekuseni.
FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa akathole usizo umculi weKwaito ovulelwe icala lokushaya umama wengane
“Kuphinde kusolwe nokuthi umsolwa ube esephoqa isisulu ukuba senze izenzo zocansi enjeni yakhe,” uMasondo ucashunwe esho kanjalo kwi-News24.
UMnyango uthi ukuthatha njengobugebengu bokusetshenziswa kwamandla ukuphoqwa kwanoma yiluphi uhlobo ukwenza izenso zocansi, ingasaphathwa eyokwenziswa ucansi nesilwane, nokuyinto othi yehlisa isithunzi.
Umsolwa oneminyaka engu-45 ubudala ubevele eBronkhorstspruit Magistrate’s Court ngoLwesine nalapho bekukhona namaqembu ezepolitiki kanye nabaholi bezopolitiki.
Image: Public Domain Pictures