Izobe ichithiwe imidlalo emikhulu eThekwini ngoMgqibelo

Abathandi bezemidlalo eThekwini bazobe bezisikela kwelinonile kule mpelasonto njengoba leli dolobha lizobe lisingethe imidlalo eyehlukene ebandakanya amaqembu amakhulu.

Abathandi bebhola lezinyawo bazobe bebheke kakhulu ukuqhubeka kwemidlalo yomqhudelwano we-Telkom Knockout Last 16 nalapho izinkunzi zamaqembu aseSoweto iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates zizovakashela amaqembu aKwaZulu-Natal.

AmaZulu azotholana phezulu neChiefs eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo mhlaka-28 October ngo-20h00.

I-Lamontville Golden Arrows izobhekena nePirates ePrinces Magogo Stadium KwaMashu ngoMgqibelo mhlaka-28 October ngo-15h00.

FUNDA NALOLU DABA: Uhlu nezithombe zabawine kuma-FIFA Football Awards 2017

Ngale kwalokho abathandi be-Rugby bona bazozitika ngomdlalo obhekwe ngabomvu ozobe uphakathi kwama-Cell C Sharks kanye ne-Western Province emdlalweni wamanqamu womqhudelwano weCurrie Cup ngoMgqibelo mhlaka-28 October ngo-17h00 enkundleni yezemidlalo iKings Park Stadium.

ITheku lithi libheke ukuhlomula kwezomnotho ngenxa yale midlalo kanti iMeya yaleli dolobha uZandile Gumede usenxuse abathandi bezemidlalo ukuba baphume ngobuningi ukuyokweseka le midlalo.

Leli dolobha lithi okwamanje ayikho imigwaqo okuhlelwe ukuthi izovalwa, lathi kodwa amaPhoyisa kaMasipala azobe etshalwe ezindaweni ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi imithetho yedolobha iyalandelwa.

Image: Public Domain Pictures

Related Posts