Kuboshwe izikhulu ezine ngokukhipha izitifiketi zomgunyathi

Iziphathimandla ezine, okubalwa kuzo nabahlola izimoto abathathu kanye no-cashier, ziboshiwe ngezinsolo zokuba ngongqondongqondo ekukhishweni kwezitifiketi eziwumgunyathi zezimoto ezingazange nhlobo zihlolwe ukuthi zikufanele yini ukuba semgwaqeni.

Laba zibakhalele ngoLwesine esikhungweni i-Innovative Roadworthy Centre eMidway, Soweto ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nenkohlakalo owaziwa nge-Operation Domino.Lo mkhankaso ubuqhutshwa yi-Road Traffic Management Corporation (RTMC), iNational Traffic Anti-Corruption Unit, i-South African Police Service Organised Crime Unit, kanye ne-Gauteng Traffic Compliance Unit.

FUNDA NALOLU DABA: ‘Kuyashaqisa, kuyanyanyisa ukudlwengulwa komsebenzi ngumqashi nenja yakhe’

“Amakhulu amaphepha okuhlolela ukuba sesimweni somgwaqo akhombisa isitembu sokuphasiswa futhi akhombisa ukusayina kuka-cashier atholakale esakhiweni. Kuphinde kwenziwa imizamo yokufihla amanye amaphepha okuhlola ngemuva kwamakhabethe kodwa izikhulu zezokugcinwa komthetho zawathola ngesikhathi zisesha esakhiweni,” kusho abe-RTMC.

Kuthiwa kuzothathwa izinyathelo zokuthi kuvalwe lesi sikhungo esihlola izimoto.

“Izimoto ezahlolwa kulesi sikhungo zizobuyiswa bese ziyahlolwa kanti lezo ezizotholwa zingekho esimweni somgwaqo zizoboshwa futhi abanikazi bazo bangase baboshwe,” kuqhuba iRTMC.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts