Isikhondlakhondla sebhange lakuleli iFirst National Bank (FNB) lizophisana ngezigidi (millions) zama-Gigabytes e-data kumakhasimende aleli bhange asebenzisa uhlelo oluyinhlanganisela lwe-digital and telco ecosystem ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Lokhu kuphisana kulindeleke ukuba kuqale ngomhlaka-1 November 2017 kuze kube ngumhlaka-31 January 2018.
Lokhu kugixabezwa kwamakhasimende ngalama-data angaka kuyingxenye yohlelo lwaleli bhange lokugqugquzela amakhasimende alo ukuba asebensise izinsiza zobuchwepheshe be-digital kanye nemikhiqizo efanele yokubhanga.
Lapha kuzohlomula noma ngabe yiliphi ikhasimende elizosebenzisa i-FNB App yalo ukwenza noma yiluphi uhlobo lwe-financial transaction. Kuthiwa ingxenye eningi yama-data kuzogixabezwa ngayo amakhasimende azothenga ama-smartphone amasha aleli bhange aziwa ngama-FNB ConeXis okukanye bathenge noma yimiphi imikhiqizo yokubhanga yakwa-FNB.
FUNDA NALOLU DABA: I-ICASA izophenya uma ithola izikhalo ‘ngokutshontshwa’ kwama-data
Ikhasimende ngalinye lakwa-FNB lingathola ama-data angafinyelela ku-160 Gigabytes (GB).
Oyi-CEO of FNB Consumer uDr Christoph Nieuwoudt, uthi kuyaqala ngqa eNingizimu Afrika ukuba kube nohlelo olufana nalolu lokutitiliza kwamakhasimende kunoma ngabe yiliphi ibhange noma inkampani yezokuxhumana.
Oyi-Chief Commercial Officer e-FNB Connect uShadrack Palmer uphinde wangeza nangokuthi bavamise ukubona ukukhula okukhulu kwezinga lokusetshenziswa kwama-data kanye neminye imikhiqizo yama-data ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.