Zizobe zibulalana ngengoma kwi-Zulu Dance Championship

Kulindeleke ukuba kube ncane indawo ngo-November uma ngabe sekuhlangene amaqembu engoma angaphezu kuka-60 emncintiswaneni waminyaka yonke wezinhlobo ezehluene zokusinwa kwengoma okuhambisana nesiko lamaZulu eShaka Marine World eThekwini.

Kulo mqhudelwano owaziwa nge-uShaka Marine World Zulu Dance Championship amaqembu ezingoma ehlukene azobe elwela ukukhethwa njengamathathu aphezulu emikhakheni eyehlukene okubalwa kuyo uShameni, uMzansi, iNdlamu kanye neNgoma.

Lo mqhudelwano, nozokube sekungowesi-13 kulo nyaka, uzobe ubanjwe ngokuhlanganyela ne- Department of Arts and Culture.

Kuzoqale kube nemizuliswano eyehlukene ezobanjwa njalo ngeMgqibelo kusukela ngo-November 4, 11, 18 kanti umzuliswano wamanqamu wona uzoba ngeSonto mhlaka-26 November.

Uzowina uzohlomula ngenkontileka yokusebenza ezodonsa unyaka wonke nezoqala ngo-December 2017 kanti inkontileka ngayinye ilinganiselwa enanini elingu-R50 000, emkhakheni ngamunye.

FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa akathole usizo umculi weKwaito ovulelwe icala lokushaya umama wengane

Oyi-Marketing Director we-uShaka Marine World, uMpume Mthembu, uchaza lo mcimbi njengohlukile kwi-uShaka Marine World. “Wasungulwa ukunikeza abadansi bomdabu ithuba elihle lokuthuthukisa lobu buciko obukhethekile bese babelana ngabo nezivakashi zakuleli kanye nezakwamanye amazwe.”

UMthembu uthi bajabule kabi ngokuthi kulo nyaka bengeze nezinye izinhlobo zokusina emikhakheni yabo nokuzokwenza ukuthi abe maningi amaqembu azobe egadulisana ngengoma.

Labo abafuna ukubhalisela ukuba yingxenye yalo mqhudelwano bangazifikela mathupha endaweni okwamukelwa kuyona izivakashi (uShaka Reception) khona eShaka kusukela namuhla kuze kube uMgqibelo ekuseni ngo-November 18 ngezikhathi zomsebenzi.

Ngale kwalokho kuthiwa abadinga ulwazi bangafonela uNdumiso enombolweni ethi-031-3288000.

Image: Supplied

Related Posts