BUKA: Owesifazane egxisha utshwala ‘obuntshontshiwe’ ngaphansi

Isinekelwe izwe lonke i-video okukholakala ukuthi iqoshwe ngama-camera angaphakathi esitolo nekhombisa owesifazane egxisha ngaphansi ibhodlela lotshwala abonakala ezama ukubuntshontsha bukhoma esitolo esidayisa iziphuzo.

Kukholakala ukuthi lesi sitolo iLiquor City Alberts, eseTshwane, eGauteng.

Kule video kubonakala kutheleka esitolo abantu abathathu, okungabesifazane ababili kanye nowesilisa oyedwa. Ngesikhathi laba bengena kulesi sitolo bayabonakala ukuthi bayayazi into abayizele njengoba bevele baqonda ngqo kuhlobo oluthile lamabhodlela otshwala abebewafuna.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: UMbalula uthi azobhekana nomthetho amaphoyisa ‘adla’ imali

Owesilisa uyena obahola phambili kanti ubonakala ethatha ibhodlela lotshwala elinika oyedwa wesifazane bese elifaka ngaphansi. Nokho kubukeka sengathi liyamxaka leli bhodlela lo wesifazane njengoba ebuye walikhipha kanti akucaci ukuthi ugcine elikhokhelile yini.

Ofake i-video yalaba kanye nezithombe ku-Facebook nozibiza ngo-Lucy Teixeira Klaushofer ukhiphe isexwayiso sokuba abantu baqaphele njengoba ethi laba abapheli eSinoville, eMontana, eMagalies kanye nakwezinye izindawo.

Image: Pixabay

Related Posts