I-DA ithi ayikezukumyekela uBusisiwe Mkhwebane phezu kwezinyathelo zomthetho

I-Democratic Alliance ithi angeke ize imyekele nakancane uMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane kulandela isitatimende sehhovisi lakhe ngoLwesihlanu (izolo) sokuthi lizothatha izinyathelo zomthetho ngezinsolo zokuthi uMkhwebane wayeyimpimpi.

IHhovisi loMvikeli woMphakathi lithi lokhu kumayelana nesitatimende esenziwa yi-DA ngomlomo ka-Advocate Glynnis Breytenbach kanye noWerner Horn esithangamini sabezindaba sangomhlaka-7 September 2016.

“Basola ukuthi u-Adv. Busisiwe Mkhwebane, uyimpimpi kanye nokuthi wayekhokhelwa yi-State Security Agency ngesikhathi esaqashwe yi-Department of Home Affairs njenge-Counseller Immigration and Civic Services eChina.

FUNDA NALOLU DABA: I-ANCYL izomashela ama-blesser ‘azingela abafundi besifazane’, isola uRamaphosa

“Ngokuncikene nalezi zinsolo ezingenhla, ngoMhlaka-27 October 2017 uMvikeli woMphakathi kanye neHhovisi loMvikeli woMphakathi banqume ukuqalisa izinyathelo zomthetho ezibhekene ne-Democratic Alliance, u-Advocate Glynnis Breytenbach kanye noMnumzane Werner Horn, befuna ukuba bahoxise ukuphawula kwabo okungamanga nokudicilela phansi bese bekhipha isixolise esizoshicilelwa enkundleni efanayo eyasabalalisa izinsolo zabo,” sifundeka kanjalo isitatimende seHhovisi loMvikeli woMphakathi.

Kodwa-ke iDA ibe isikhipha isitatimende nayo ithi angeke ize ihlehle kulokhu, yathi ifuna ukuqinisekisa ukuthi iHhovisi loMvikeli woMphakathi alihlangene nezepolitiki futhi alinakho ukugxambukela kwezepolitiki, nokuyinto elithi igubuzele leli hhovisi selokhu nje kwangena uMkhwebane esikhundleni.

Image: GCIS

Related Posts