‘Kuyadukisa ukuthi uZuma wayeholelwa u-R1m ngenyanga usomathenda wangakudalula’

IHhovisi likaMengameli wezwe uJacob Zuma seliyichithile imibiko yabezindaba eveza izinsolo zokuthi wayegixabezwa ‘ngeholo’ elingu-R1 million ngenyanga yinkinsela kasomabhizinisi ongusomathenda kodwa wangayithi vu le ndaba kwabaka-South African Revenue Service (SARS).

Lokhu kulandela umbiko we-News24 ngeSonto nobumayelana nencwandi entsha yalowo owayeyintatheli ebhala ngezindaba eziphenyiwe uJacques Pauw, nesihloko sithi The President’s Keepers.

“IHhovisi likaMengameli liyazichitha izinsolo ezisemibikweni yabezindaba namhlanje, ngomhlaka-29 October 2017, nesola ukungenzi kahle kukaMengameli Jacob Zuma mayelana nezimali ezingadalulwanga.

FUNDA NALOLU DABA: Kulindeleke simenyezelwe maduze isinqumo ngemfundo yamahhala

“UMengameli Zuma usedalulile eziphathimandleni ezifanele yonke imali ayithola futhi izinsolo eziqukethwe embikweni ziyadukisa futhi ngokucacile ziyingxenye yemikhankaso  eqhubekayo yokungcolisa (igama likaMengameli Zuma). Izindaba zentela zikaMengameli ziqondile,” kusho iHhovisi likaMengameli.

Leli hhovisi liphinde langeza nokuthi uMengameli alukho ulwazi eseke waluthola olumayelana nentela ngokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts