Amaphoyisa agxeka umphakathi ‘ozithathele umthetho ngezandla’

Amaphoyisa ase-Mdantsane e-Eastern Cape asegxeke kakhulu lokho akubiza ngokuzithathela umthetho ngezandla komphakathi.

Lokhu kulandela isigameko sangeSonto endaweni yaseNewlands eVulindlela nalapho kuboshwe abasolwa ababili mayelana nezigameko ezimbili zokubulala ezenzeke eNewlands ekuseni.

“Uphenyo lokuqala luholele ekuboshweni kwalaba basolwa abangenhla kanti bakhiyelwe ngemuva evenini emakiwe,” kusho amaphoyisa.

“Umphakathi wase-Newlands ufune ngodli ukukhululwa kwabasolwa futhi ubufuna ukubabulala. Umphakathi uvuke umbhejazane wabe usushisa iveni yamaphoyisa. Amaphoyisa ahlakaze umphakathi obuthukuthele ngezinhlamvu zenjoloba.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Kulimale abantu iloli lishayisa izimoto kowe-#BlackMonday

“Abasolwa ababili abebengemuva evenini yamaphoyisa bathole amanxeba amancane okusha kanti baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.”

Amaphoyisa athi kube sekuboshwa abasolwa ababili abaneminyaka elinganiselwa kwengu-50 ngamacala okudala udlame emphakathini.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eMdantsane Magistrate’s Court maduzane ngamacala okubulala kanye nokudala udlame emphakathini.

Image: SAPS

Related Posts