IZITHOMBE: Kudaleke isiminyaminya emashini yabamapulazi

Baphume ngobuningi abazokweseka imashi yokugxeka ukubulawa kwabanikazi bamapulazi eqale ngezikhathi zakuseni ngoMsombuluko ezingxenyeni ezihlukene zezwe.

La mamashi ebizwa nge-#BlackMonday abayingxenye yawo bagqoke izingubo ezimnyama njengophawu lokuzwelana nokubulawa kwabanikazi bamapulazi nokuyinto abathi idla lubi kuleli.

Ezingxenyeni ezehlukene zezwe kubikwe izigameko zokuvalwa kwemigwaqo okusolwa ukuthi kwenziwe ngabhikishi kanye nesiminyaminya esidalwe ukushayela ngonyawo lonwabu kwabamashayo emigwaqeni emikhulu kanye nomthamo omningi wezimoto.

Ngale kwalokho le mashi isidale inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana njengoba kunalabo abasola abahleli bale mashi ngokuthi abanandaba nokubulawa kwabasebenzi basemapulazini, nokusolwa ukuthi babulawa abanikazi bamapulazi.

FUNDA NALOLU DABA: UMbalula uxwayisa ngokuboshwa kwabasabalalisa ama-video ngodlame lwezigelekeqe

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa ucashunwe esitatimendeni ethi le mashi iyizinkomba zokucwasa ngokwebala kwenhlangano ehlele le mashi nelwela amalungelo abomdabu wamaBhunu i-AfriForum.

I-Black First Land First ibibhodla umlilo ezinkundleni zokuxhumana inxusa abantu ukuba bangayeseki le mashi, yathi okunalokho abazilele izinkulungwane zabasebenzi basemapulazini abaseyizigqila.

“Abalimi abamhlophe bangabacwasi, abantshontshi bomhlaba abanesihluku abangalufanele uzwelo lwethu. Kungamanga ukuthi abalimi abamhlophe bondla izwe,” ifundeka kanjalo eminye yemibhalo ye-BLF kuTwiitter.

Image: Pixabay

Related Posts