IZITHOMBE: Kulimale abantu iloli lishayisa izimoto kowe-#BlackMonday

Okungenani bathathu abantu okuqinisekiswe ukuthi balimalile ngemuva kokuthi iloli lishayise izimoto zababhikishi abebeyingxenye yamashi elwisana nokubulawa kwabanikazi bamapulazi ngoMsombuluko ntambama.

Lesi sigameko senzeke emgwaqeni onguthelawayeka u-N4 eMiddleburg eMpumalanga.

Imifanekiso eyehlukene ikhombisa izimoto ezisale zimaboqoboqo kanye neloli elilele ngohlangothi ngasengxenyeni engemuva nelayisha impahla. Omunye wabantu okukholakala ukuthi ubeyingxenye yalo mashi ubonakala elele ngomhlane phansi kukhona obonakala engathi uzama ukumsiza.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Kudaleke isiminyaminya emashini yabamapulazi

Kuthiwa zingu-13 izimoto ezibandakanyeke kulesi sigameko. Ezinye zalezi zimoto zibonakala ziphumele ngaphandle komgwaqo.

Ngokombiko wabosizo lokuqala abakwa-ER24 kusolakala ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawawula iloli nokwenze ukuthi lishayise ezinye izimoto eziningi ebeziyingxenye yalo mbhikisho.

Abalimele kuthiwa balashwe endaweni yesigameko maqede baphuthunyiswa esibhedlela esiseduze iMiddelburg ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Image: ER24

Related Posts