IZITHOMBE: Kushiswe ifulegi laseMzansi, kwaqhakanjiswa elobandlululo kowe-#BlackMonday

Ezinye zezakhamizi zaseNingizimu Afrika sezizwakalise ukucasuka nokunyanya kulandela ukusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana eziveza ukushiswa kwefulegi laseNingizimu Afrika kanye nokubonakala kwefulegi likahulumeni wobandlulolo.

Kusolwa ukuthi lokhu kungezinye zezithombe ezithathwe emamashini ahlukene abebanjwe ezingxenyeni ezehlukene zezwe nabehlose ukulwisana nezigameko zokubulawa kwabantu emapulazini ngaphansi komkhankaso i-#BlackMonday.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Kulimale abantu iloli lishayisa izimoto kowe-#BlackMonday

Kodwa-ke inhlangano ebihlele le mashi i-AfriForum iziqhelelanisile nenhlangano yabalimi i-AgriSA baziqhelelanisile nalokhu.

UNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko, uNathi Mthethwa ubhale enkundleni yezokuxhumana iTwitter nalapho egxeke khona lesi senzo, wathi asamukelekile.

 

Image: Nickolaus Bauer Twitter Account

Related Posts