Liyavela iphoyisa ‘elibanjwe lidayisela izigebengu’ izinto zomsebenzi

Iphoyisa elineminyaka engyu-46 ubudala elingu-warrant officer kulindeleke ukuba livele eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoMsombuluko ngezinsolo zokuthi belidayisela izigelekeqe izimpahla zomsebenzi zamaphoyisa.

Leli phoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa eBayview liboshwe kanye nomunye umsolwa oneminyaka engu-50 ubudala okusolwa ukuthi bebesebenzisana naye.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: UMbalula uthi azobhekana nomthetho amaphoyisa ‘adla’ imali

“Laba bobabili baboshwe kulandela umkhankaso womshushaphansi ngesikhathi kuvela ukuthi laba bobabili kusolakala ukuthi bebedayisa impahla yamaphoyisa ezigebengwini. Amaphoyisa ophiko lwe-Hawks Anti-Corruption Task Team ‘asebenzisane’ nalaba bobabili ezenza izigebengu futhi akwazi ukuthenga inqwaba yezinhlamvu, ama-bullet proof vests, ama-paper sprays, amakhasethi ezibhamu kanye nomfaniswano wamaphoyisa,” kusho ama-Hawks.

Bobabili abasolwa kuthiwa baboshwa ngoLwesihlanu kanti uphenyo lusaqhubeka.

Image: Wikimedia Commons

 

Related Posts