Aseqalile ukudayisa amathikithi eTelkom Knockout Quarter-Finals

Aseqalile ukudayisa amathikithi omzuliswano wama-Quarter-Finals kumqhudelwano we-Telkom Knockout (TKO).

Imidlalo yamaqembu angu-8 asesele kwi-TKO izodlalwa kule mpelasonto ezayo ngoMgqibelo kanye nangeSonto.

Lama thikithi atholakala ngo-R40 awabadala kanye no-R15 awezingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 ezitolo zakwa-TicketPro.

Kule midlalo iPlatinum Stars izobhekana neBloemfontein Celtic eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo ngo-15:30.

NgoMgqibelo ebusuku, iBidvest Wits izokwamukela iBaroka FC eBidvest Stadium ngenkathi i-Orlando Pirates yona itholana phezulu nePolokwane City e-Orlando Stadium. Yomibili le midlalo izodlalwa ngo-20:15.

FUNDA NALOLU DABA: EZINGENA MANJE: Ibhodi le-RWCL selincome ukuba uMzansi usingathe iRugby World Cup

NgeSonto kuzobe sekugadulisana iChippa United neKaizer Chiefs eNelson Mandela Bay Stadium ngo-15:30.

IMIDLALO EPHELELE YE-TKO:

NgoMgqibelo, 04 November 2017

Platinum Stars vs Bloemfontein Celtic- Royal Bafokeng Stadium (15h30)

Bidvest Wits vs Baroka FC- Bidvest Stadium (20h15)

Orlando Pirates vs Polokwane City- Orlando Stadium (20h15)

NgeSonto, 05 November 2017

Chippa United vs Kaizer Chiefs – Nelson Mandela Bay Stadium (15h30)

Related Posts