Izinkampani ezingu-50 sezizonke ezisohlwini lwezinkampani ezihweba kwi-Johannesburg Stock Exchange (JSE), okubalwa nayo uqobo i-JSE, zitholakakale ukuthi aziwulandeli umthetho wokunikezwa kwabasebenzi amathuba alinganayo i-Employment Equity (EE) Act.
Lokhu kuvele ngesikhathi igatsha le-Department of Labour i-Inspection and Enforcement Services (IES) yenza ukubuyekeza okubizwa nge-Director-General Reviews, inhloso yakho okuwukubheka ukuthi izinkampani zihambisana kangakanani nomthetho.
Izinkampani ezingu-72 ezisohlwini lwezinkampani ezikwi-JSE zihlonzwe njengezizobuyekezwa, nokuyinto eqale ngo-July 2017.
FUNDA NALOLU DABA: Uhulumeni uzodayisa ama-shares akhe kwa-Telkom
Abaqashi abangu-41 sebebonke baye banikwa ama-Director-General Recommendations nalapho benikwe khona izinsuku ezingu-60 ukuba bahambisane nalezi zincomo.
Kuthiwa bangu-9 sebebonke abaqashi okuyimanje babhekene nokushushiswa ngokuhluleka ukulungiselela ama-Employment Equity Plans.
Ama-Director-General Reviews ayingxenye yomthetho okumele ulandelwe ngokuka-Section 43-45 we-EEA. Lokhu kubuyekeza kunikeza amandla uLabour Director-General ukuba abheke ukuthi umqashi uhambisana kangakanani nomthetho.
Image: Wikipedia