Kugwetshwe ikhehla (64) ngokudlwengula ingane ena-10

Umlisa oneminyaka engu-64 ubudala ulahlwe yicala maqede wagwetshwa yinkantolo iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngokudlwengula isisulu esineminyaka engu-10 ubudala.

ULindinkosi Malomeni Nxumalo ugweshwe Inkanyezi Regional Court ngemuva kokuthi le nkantolo izwe ukuthi wasidlwengula kanjani isisulu esikhathini esingunyaka esedlule.

“Ngomhlaka-30 September 2016, isisulu sasisendleleni eya esikoleni ngesikhathi sidlula i-tuckshop esendaweni endaweni yaseSiphezi, eShowe. Ngesikhathi ese-tuckshop kweza kuye umnikazi we-tuckshop nowamdlwengula.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Kushiswe ifulegi laseMzansi, kwaqhakanjiswa elobandlululo kowe-#BlackMonday

“Umsolwa waphazanyiswa umsindo ovela ngaphandle kanti isisulu sakwaiz ukubaleka. Udaba lwabikwa esiteshini samaphoyisa eShowe ukuze kwenziwe olunye uphenyo. Umsolwa wabe eseboshwa ngaleso sikhathi wabe esebekwa icala ngokufanelekile,” kulandisa amaphoyisa.

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uncome isisulu ngokubika udaba, wathi lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye abasacabanga ukugila umkhuba ofanayo.

Image: Pixabay

Related Posts