Sibuyela emsebenzini isikhulu sakwa-SARS ebesimisiwe

Uzobuyela kwa-South African Revenue Service (SARS) kuleli sonto uJonas Makwakwa kulandela ukuphuma phambili ezinsolweni abebhekene nazo.

“U-SARS ungathanda ukukumemezela ukuthi ngemuva cishe konyaka emisiwe, iChief Officer: Business & Individual Tax (BAIT), uMnumzane Jonas Makwakwa, uzobuyela enhlanganweni kusukela ngomhlaka-1 November 2017,” kusho le nhlangano yabaqoqi bentela ngoMsombuluko.

Ukumiswa kukaMakwakwa kweza ngemuva kokuthi iFinancial Intelligence Centre (FIC) yanika u-SARS umbiko oqukethe izinsolo eziqinile ngo-Makwakwa. Lokhu kwaholela ekutheni uCommissioner Tom Moyane amumise emsebenzini kuze kuba kuphothulwa uphenyo oluzimele ngalezi zinsolo.

FUNDA NALOLU DABA: Izinkampani ezingu-50 ezikwi-JSE, okubalwa ne-JSE, aziwulandeli umthetho wezabasebenzi

Inkampani yababeli iHogan Lovells iyona eyaqokwa ukuze iphenye lolu daba neyancoma ukuba uMakwakwa aqondiswe izigwegwe.

U-SARS uthi utholakale emsulwa kuwo wonke amacala abebekwe wona. Manje usezobuyela kwa-SARS esikhundleni sakhe njenge-Chief Officer.

Related Posts