Ingane enezinyanga eziyisithupha ubudala ibulawe yinja ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuthi le nja iyilume amahlandla amaningi endaweni yase-Primrose, eJohannesburg.
Abosizo lokuqala bakwa-ER24 bathi bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi besekuvele kukhona abanye bosizo lokuqala abebezosiza lo mntwana.
“Abosizo lokuqala baholelwe egunjini lokuphumula laleli khaya nalapho bethole isidumbu sengane.
FUNDA NALOLU DABA: Sekushone abangu-10 kudutshulwa isikhulu samatekisi
“Abosizo lokuqala bahlole lo mfana omncane base bathola ukuthi uthole ukulimala okuningi okunzima kokulunywa futhi akakhombisanga zimpawu zokuphila,” kulandisa abakwa-ER24 bengeza ngokuti nabo bekungasekho abebengakwenza njengoba umntwana ubesevele eshonile ngenxa yala manxeba nokuthi uye wahlonzwa njengoseshonile khona endaweni yesigameko.
Okwamanje akukakacaci ukuthi bekwenzenjani lo mntwana eze elunywa yinja.
Image: Pixabay