Kuboshwe ikhansela lewadi ngokugwazisela umsebenzi ngo-R2000

Uphiko lwama-Hawks selibophe ikhansela lewadi kuMasipala wasePolokwane eLimpompo elineminyaka engu-35 ubudala ngezinsolo zenkohlakalo.

Leli khansela kuthiwa zilikhalele ngoLwesibili ngemuva kokuthi lolu phiko loKlebe lulunywe indlebe ngalo mkhuba okusolwa ukuthi beliwugila, likhokhisa abantu abafuna umsebenzi imali.

FUNDA NALOLU DABA: Kugwetshwe ikhehla (64) ngokudlwengula ingane ena-10

“Kucushwe umgoga emahhovisini kaMasipala kanti umsolwa uboshiwe ngemuva kokuthi amukele u-R2 000 wokugwazelwa elungeni lomshushaphansi,” okhulumela ama-Hawks esifundazweni uCaptain Matimba Maluleke usho kanjalo esitatimendeni.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele ePolokwane Magistrate’s Court maduzane.

Image: Public Domain Pictures

Related Posts