UMnyango wezeMfundo eGauteng usuvule kabusha elinye ithuba lokubhalisela ukufunda lohlelo lwe-Online Application System kubazali abaphuthwa umnqamulajuqu wangomhlaka-12 June.
Lolu hlelo luqale ukuvulwa namhlanje (ngoLwesithathu) kanti luzovuleka kuze kube umhlaka-10 November 2017.
“Uhlelo luhamba kahle futhi sinxusa abazali abafaka izicelo okokuqala ukuba basebenzise leli thuba lokufaka izicelo online,” uMnyango usho kanjalo.
FUNDA NALOLU DABA: Idephunwe yinja yashona ingane enezinyanga ezingu-6
Ngale kwalokho, kunxuswa abazali ababekade befakele izingane zabo izicelo zokufunda ngonyaka ozayo, kodwa ezingakafakwa esikoleni, ukuba bavakashele kwi-district office ukuze batholelwe izikhala. Laba zali kuthiwa asikho isidingo sokuthi baphinde bafake izicelo njengoba imininingwane yabo isivele isigcinekile kwi-system.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uqinisekise abazali abafaka izicelo kusenesikhathi ukuthi izingane zabo zizozithola izikhala zokufunda.
Iningi lezikole zaseGauteng kuthiwa sezigcwele kanti angeke zisakwazi ukwamukela abanye abafundi.
Image: Pixabay