Inyunyana yabasebenzi abasembonini yezokusakaza iBroadcasting, Electronic, Media & Allied Workers Union (Bemawu) ithi iqamba amanga aluhlaza inhlangano yezokusakaza kuleli iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ngezinsolo zayo zokuthi isiteleka sabasebenzi abangaphansi kwayo asikho emthethweni.
“Ekuseni kwanamuhla ngezikhathi zabo-09:40 iBemawu ithole incwadi evela kwi-SABC nesola ukuthi isiteleka e-SABC asivikelekile,” kusho iBemawu esitatimendeni.
“I-Bemawu iyakuphika kakhulu lokhu. Sinencwadi evela kwa-CCMA eqinisekisa [ukuthi] isiteleka sethu sivikelekile futhi singaqhubeka nesiteleka.
“Kodwa noma kunjalo sisohlelweni futhi lokuqinisekisa ngokomthetho, ngaphezu kokuxhumana kwe-CCMA ukuthi sivikelekile.”
Kubikwa ukuthi abasebenzi base-SABC abangaphansi kwale nyunyana okubalwa kubo abafundi bezindaba kanye nezintatheli babeke phansi amathuluzi kusukela ngo-6:00 ekuseni ngoLwesine (namhlanje).
FUNDA NALOLU DABA: Sekuqalile ukucisheka kwama-message athunyelwe ngephutha ku-WhatsApp
Kuzokhumbuleka ukuthi enye inyunyana emele abanye babasebenzi be-SABC iCommunication Workers’ Union (CWU) ishaye ungqimphothe ngoLwesithathu (izolo) ngesikhathi ihoxisa isaziso ebesifakile sokuthi izongenela isiteleka. Kodwa-ke iBemawu yona ithi ayihleli. Ithi izoqhubeka nesiteleka kuze kuba ithola umyelelo ohlukile ovela kumalunga ayo.
Phakathi kwezinye zezinto le nyunyana ethi iyazitelekela kubalwa ukufuna ukunyuselwa amaholo kanye nokwesekela ukuthi kungabi khona ukugxambukela ngokwezepolitiki eSABC.
Kuphinde kube nezikhalo ngokushintsha kwezikhathi zokusebenza kanjalo nezinsolo zokuhlukunyezwa kwabasebenzi abangama-freelancers iBemawu ekhala ngokuthi sebesebenze iminyaka kodwa abanayo imihlomulo eyehlukene okubalwa kuyo i-medical aid, impesheni, i-leave kanye ne-sick leave.
Ngaphambilini, iSABC News ibike ukuthi iSABC isinqumele abasebenzi abatelekile ugwayi katiki, yathi ababuyele emsebenzini ngokushesha.
Now Artillery Road is blocked. #SABCStrike #WeAreSABC #NotOurFault pic.twitter.com/yYorbngZeX
— Thabiso Sithole (@ThabisoSithole) November 2, 2017
The Struggle Continues! #SABCStrike in Auckland Park. pic.twitter.com/ZT9CkAiBea
— Thabiso Sithole (@ThabisoSithole) November 2, 2017
Lots of money was wasted giving Hlaudi raise after raise @SakinaKamwendo that money must be recovered #Amlive #SABCstrike
— Zand!Le Dubazana (@DubazanaZandile) November 2, 2017
#wearesabc #sabcstrike Life is too short for 0%. pic.twitter.com/gQJPZNNrYr
— Thabo TT Madilola (@tbotouch67) November 2, 2017
#SABCstrike outside the public broadcaster’s Durban offices. pic.twitter.com/OUkwLeELI4
— Nokuthula Ntuli (@nyntuli) November 2, 2017
Image: Wikimedia Commons