Ufuna umshado omhlophe obesebenza engadini osewine iLotto

Uhleka yedwa umlisa waseGauteng ngemuva kokuthola ukuthi uwine iLotto yesamba semali esingu-R24 million.

Ithikithi leLotto elathengwa eMoloto, eGauteng, ngo-R30, liwine iPowerball ka-R24 million nokuguqule umlisa obezisebenzela engadini waba ngusozigidi.

Kuthiwa lo baba oneminyaka engu-38 ubudala nonezingane ezintathu akakholwanga ebona ukuthi uyena ohlabene. “Ngakhokha ilobolo ngo-2012 kanti ukuba nomshado omhlophe bekuyiphupho elikhulu. Ngokuwina kwami iPowerball jackpot ekugcineni sengingakwazi ukunikeza unkosikazi wami umshado akade ayewuphupha,” kusho lo baba owine u-R24 million nobefa yinjabulo.

FUNDA NALOLU DABA: Abantu abane abawine iLotto bangase balahlekelwe u-R39 million

Lo baba uthi selokhu kwathi nhlo uhlale ewumuntu oqikelelayo uma esebenzisa imali kanti uthi ngisho esewine le mali angeke kushintshe lutho. Kodwa-ke uthi ufuna ukwakhela umndeni wakhe ikhaya kanti futhi kade ayekufuna nokuvakashela izindawo ezehlukene.

Ngale kwalokho uthi ufuna nokukhokhela imfundo yezingane zakhe bese ezijabulisa nge-pizza kanye nekhekhe, nokuwukudla athi ukuthanda kakhulu.

Image: Pixabay

Related Posts