Usesimweni esibucayi umshayeli weloli eliphonseke ebhulohweni

Kubikwa ukuthi usesimweni esibucayi umshayeli weloli olinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala ngemuva kokuthi iloli abelishayela liwe ebhulohweni ku-Tirisano road eKlerksdorp, eNorth West, ngoLwesine ekuseni.

Ngokumbiko wabosizo lokuqala bakwa ER24 omunye umuntu obengaphakathi kuleli loli, naye okukholakala ukuthi ulinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala, uthole ukulimala okungatheni.

FUNDA NALOLU DABA: Idephunwe yinja yashona ingane enezinyanga ezingu-6

Abakwa-ER24 bathi bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zabo-11:40 nalapho bethi ithimba lezicimamlilo kanye nezokutakula liye lizama ukutakula laba bantu ababili elolini.

Laba kuthiwa bagcine belashiwe ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.

Image: ER24

Related Posts