Uyaqina umkhankaso wokuvala uMbalula kuTwitter, bathi sebekhathele

Bathukuthele bayaveva abanye babantu abasebenzisa inkundla yezokuxhumana iTwitter ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula.

Lokhu kulandela isigameko esisuse omsindo sokukuhudulwa kowesifazane obeyingxenye yombhikisho wabafundi ngamaphoyisa enqunu eyomfaka ngemuva evenini.

Kukholakala ukuthi lo wesifazane ungumfundi wase-University of Cape Town (UCT) kanti kuphinde kube nezinsolo zokuthi ubehudulwa ngamaphoyisa nje ubesequlekile. Okuyisidwedwana obekumbozile kubonakala kusala phansi ngesikhathi ehudulwa ngamaphoyisa.

FUNDA NALOLU DABA: I-Saftu ithi ‘kuyinyanyisile’ ukuziphatha kukaMbalula, ‘akahambe’

Lokhu kuthukuthelise kakhulu abantu ezinkundleni zokuxhumana njengoba bechaze lokhu njengesihluku.

NgoLwesine ntambama ubusematheni (trending) umkhankaso i-#BlockFikileMbalula nobugqugquzela abantu ukuba bavale (block) noma bangabe besalandela (unfollow) uMbalula kuTwitter njengoba bemsola ngokuthi ulokhu ezenza usaziwayo kule nkundla kodwa akazinakile izindaba ezithinta umbhutho wamaphoyisa.

Inqwaba yabantu baveze ubufakazi bokuthi abasamlandeli uMbalula okukanye sebemvalile.

Image: GCIS

Related Posts