Umlisa oneminyaka engu-33 ubudala uthole ukulimala okungatheni ngemuva kokuthi imoto abehamba ngayo kusolwa ukuthi imphunyukile yabe isibhodloza udonga lokubiya ngaphambi kokuba iyophonseka kwi-swimming pool eHamberg, eRoodepoort.
Ngokombiko wabosizo lokuqala bakwa-ER24, bafike endaweni yesigameko ngemuva nje kancane kuka-4pm nalapho bethole khona lo mlisa ezulazula endaweni yesigameko.
“Iveni itholakale icwile ngokuphelele kwi-swimming pool yakulo muzi. Abosizo lokuqala bahlole le ndoda base bathola ukuthi ithole okungase kube ukulimala esandleni kanye nokusikeka okuningi kanye nemihuzuko,” kulandisa abakwa-ER24.
FUNDA NALOLU DABA: Usesimweni esibucayi umshayeli weloli eliphonseke ebhulohweni
Abakwa-ER24 bathi kukholakala ukuthi umshayeli ubethi uzama ukuvika imoto ezayo kanti uzophunyukwa yimoto ngaphambi kokuba ibhodloze udonga ku-Albertina Sisulu Road.
Lo mlisa ube eseyiswa eLife Flora Clinic ukuze athole okunye ukwelashwa.
Image: ER24