Intukuthelo kubantu uWhatsApp ungavumi ukusebenza

Sebezwakalise okukhulu ukungenami abantu abasebenzisa inkundla yezokuxhuma eyintandokazi uWhatsApp nokubikwa ukuthi ibingavumi ukusebenza ngoLwesihlanu ekuseni.

Le nkundla yezokuxhumana engaphansi kuka-Facebook kuthiwa inqwaba yabantu abayisebenzisayo emhlabeni wonke bebengakwazi ukungena kuyona okukanye ukuthumela imiyalezo noma ukwamukela imiyalelezo.

FUNDA NALOLU DABA: Sekuqalile ukucisheka kwama-message athunyelwe ngephutha ku-WhatsApp

Inqwaba yabantu sebenikele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukukhathazeka kwabo kanti abanye bathi bebengakholwa ukuthi le nkundla yezokuxhumana inenkinga ngempela.

Ngaphambilini kuleli sonto kuye kwaba nentokozo kubantu abasebenzisa le nkundla njengoba isibavumela ukuthi bakwazi ukucisha (delete) imiyalezo abayithumele ngephutha nokuyinto ebingenzeki ngaphambilini.

Related Posts