Umsebenzi kamasipala kuthiwa ubeholela izipoki aphinde aholele nomndeni

Kuthiwa bese kunesikhathi eside ezitika ngemali kaMasipala ehlangane namalunga omndeni wakhe owesifazane ongumsebenzi waseJozini Municipality, KwaZulu-Natal.

UNomfundo Mthembu (32) kanye nabanye abasolwa abahlanu bavele kafushane eDurban Serious Commercial Crime Court ngoLwesine ngezinsolo zokukhwabanisa kanye nokushintshisana ngemali ngokungemthetho.

UMthembu kuthiwa uyisikhulu esisebenza kwa-payroll eJozini Municipality kanti kusolwa ukuthi usungule inqwaba yabasebenzi abayizipoki kusukela ngo-March 2016 kwaze kwaba ngu-January 2017.

FUNDA NALOLU DABA: Kuboshwe ikhansela lewadi ngokugwazisela umsebenzi ngo-R2000

Amaphoyisa ophiko lwama-Hawks athi ube esefaka imali elinganiselwa ku-R252 000 njengemiholo kwi-bank account yakhe kanye namanye ama-account okungawamalunga omndeni wakhe angu-6. Lolu phiko luthi cishe kube nezikhawu ezingu-101 zokufakwa kwemali kulama-account ehlukene.

UMthembu, uLondeka Ndlovu (20), uSibusiso Dlomo (22), uLungani Dlomo (30), uThubelihle Dlomo (18) kanye noSphamandla Dlomo (20) badedelwe ngebheyili kanti kulindeleke ukuba babuyele enkantolo efanayo ngomhlaka-05 December 2017 njengoba kusaqhubeka uphenyo.

OKlebe bathi kukhona nabanye abasolwa abangase baboshwe maduzane.

 

Image: Pixabay

 

Related Posts