BUKA: Owesifazane onezinzipho ezinde ukuzedlula zonke

Owesifazane wase-Texas uzishaya isifuba ngokuhlonzwa njengowesifazane onezinzipho ezinde ezandleni ukubadlula bonke emhlabeni jikelele.

U-Ayana Williams ushaya ngohalakasha lwezinzipho ezinde futhi ezigobile nathi waqala ukuzikhulisa cishe esikhathini esilinganiselwa eminyakeni engu-24 eyedlule kanti kuyimanje uyena ophethe irekhodi le-2018 Guinness World Record ngokuba owesifazane onezinzipho zasesandleni ezinde kunazo zonke ezandleni zombili.

Uthi ngelinye ilanga kunensizwa eyamgqugquzela ukuba azikhulise zifike kuma-inches amathathu. Kuyimanje uthi izinzipho zakhe zilinganiselwa kuma-inches angu-20 kuya ku-26 inches ubude nalapho ethi isithupha sakhe yisona esishaya ngohalakasha olude kakhulu lozipho olungu-26 inches ubude.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Kubatshazwa izenzo zowesifazane odansa ‘engagqokile’

Echaza ngokuthi uzenza kanjani izinto ezenziwa ngabantu abahlukene, uthi kuba ubuzukuzuku njengoba ethi kumthatha isikhathi eside ukwenza izinto ezahlukene okunabantu abajwayelekile. Uthi ezinye izinto uyazenza kodwa ezinye akazenzi.

Uthi kumthatha cishe isonto lonke ukwenza konke okumele akwenze uma ngabe ependa lezi zinzipho zakhe. Uthi vele umsebenzi awenzayo ukwenza abesifazane izinzipho.

Zibonele I-video ngezansi lo wesifazane oshaya ngezinzipho ezinde ezikhulumela yena:

Image: Pixabay

Related Posts