Uwine iLotto osebenzise iminyaka yakhe kanye nekamfowabo ukudlala

Uwine iLotto yesamba semali engu-R6 million umlisa wase-Western Cape odlale esebenzisa iminyaka yakhe yobudala kanye nekamfowabo.

Lo mlisa ujwayele ukudlala iLotto kanti ngokujwayelekile uyaye adlale ngo-R60. Kodwa-ke kamuva udlale ngethikithi lika-R80 wabe esekhetha ukwenza izinto ngendlela ehlukile. Esikhundleni sokuba adlale iQuick Pick ajwayele ukuyidlala, ube esesebenzisa umehluko weminyaka yobudala phakathi kwakhe kanye nomfowabo kanye nezinsuku zezinto ezibalulekile esezenzeke emndenini.

Lo msebenzi kahulumeni obengazi ukuthi usengusozigidi omusha uvuke ngosuku olulandelayo walungiselela ukuya emsebenzini njengenjwayelo. Uze wathola ngoba esebheka esemsebenzini ukuthi uhlabene. Kodwa-ke nalapho ubengakakholwa njengoba ubelokhu ebheka cishe ihora nehora ukuthi uwine ngempela yini.

FUNDA NALOLU DABA: Ufuna umshado omhlophe obesebenza engadini osewine iLotto

NgoMgqibelo olandelayo bahlanganyele etafuleni nomndeni wakhe nalapho bekufundwa khona inombolo ngayinye ethikithini ukuze baqinisekise ukuthi liwine ngempela yini.

“Lokhu kuzoshintsha izimpilo zethu – besisezikwelitini kakhulu. Ukukhokhela i-bond bekusinda futhi bekunzima ukukhona imali yesikole. Besithembele ekubolekeni okukhulu – besiphila kusuka esandleni kuya emlonyeni,” usho kanjalo lo mlisa owinile esitatimendeni egcizelela ngokuthi le mali ifike ngesikhathi esifanele impela.

Image: Pixabay

Related Posts