I-DA ithi isikulungele ukuvimba ukuqala kwe-nuclear deal

I-DA ithi angeke ize ingabaze ekuvimbeni imizamo kaNgqongqoshe wezaMandla uDavid Mahlobo “yokuphoqelela” ukuqaliswa kohlelo lokuphehlwa kwamandla ngenuzi noselususe omkhulu umsindo kuleli, nolaziwa nge-nuclear deal.

Leli qembu lithi “iqiniso ukuthi iNingizimu Afrika ayidingi noma angeke isikhone lesi sivumelwano esilinganiselwa ku- R1 trillion”.

Lesi sitatimende se-DA siza ngemuva kombiko we-City Press ngeSonto nalapho kubikwe khona ukuthi izikhulu ezisebenza eMnyangweni wezaMandla sezisebenza ngisho nangezimpelasonto ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kuphothulwa ukubuyekezwa kwe-Integrated Resource Plan (IRP) ngaphambi kokuba kushaye umnqamulajuqu wangomhlaka-14 November, nokuyisikhathi esingaphambili ngezinyanga ezine kunesikhathi okulindeleke ukuba kuphothulwe ngaso.

FUNDA NALOLU DABA: Abencwadi yezinsolo ezishaqisayo ngoZuma ‘kuthiwa abayihoxise ngokushesha’

I-DA ithi usuku nosuku kuyabonakala nje ukuthi uMahlobo waqokelwa ukuzoqinisekisa ukuthi uphusha ukuqaliswa kwalolu hlelo.

“Angeke simvumele uMahlobo ukujabulisa abangani bakhe, ama-Russians, ngokulimaza izigidi zabantu baseNingizimu Afrika abadonsa kanzima ukuphila ngaphandle kwemisebenzi emnothweni omile,” kusho iDA.

“I-DA izosebenzisa lonke ithuluzi elisemthetheni kanye nelasePhalamende esinalo ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane eziziyo angeke ziboshelwe ezikweletini ezinkulu ezizobeka engcuphezi ikusasa leNingizimu Afrika.”

Image: GCIS

Related Posts