Izokhiqizwa eMzansi iFord Ranger Raptor entsha

Isikhondlakhondla senkampani ekhiqiza izimoto iFord isimemezele ukuthi imoto yohlobo lwe-Ford Ranger Raptor yokuqala ngqa izokhiqizwa eNingizimu Afrika uma ngabe isingena emakethe ngonyaka ka-2019.

Le mbavumbavu yemoto yohlobo lwe-Ranger Raptor izokhiqizwa esikhungweni okukhiqizwa kuso izimoto zakwa-Ford esise-Silverton ePitoli. Lokhu kuzoqondana nokwethulwa kabusha kolunye uhlobo lwemoto yakwa-Ford eyintandokazi kuleli iRanger nakho okulindeleke ukuba kwenzeke ngo-2019.

FUNDA NALOLU DABA: Sebawagibela mahhala amabhasi abasafuna umsebenzi eKapa

“Ukuphendulwa kwesimemezelo sethu sokuthi uFord uzokwethula iRanger Raptor ngempela kube kukhulu kakhulu, futhi siziqhenya kakhulu manje ukuqinisekisa ukuthi lolu hlobo olulindelwe kakhulu luzokhiqizwa ekhaya eNingizimu Afrika,” kusho i-VP Operations, Ford Middle East and Africa, u-Ockert Berry.

Abakwa-Ford bathi ukwengezwa kwe-Ranger Raptor kuzolandelwa ukutshalwa kwezimali okukhulu emikhiqizweni yakuleli njengoba bezonweba umthamo womkhiqizo wabo.

Image: Ford SA Twitter Account

Related Posts