Kulimale abantu abangu-9 ngemuva kokuba izimoto ezimbili zishayisane netekisi emgwaqeni uShakespeare kanye noLongfellow road eRidgeway, eGaueng, ngeSonto kusihlwa.
Abakwa-ER24 babika ukuthi bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zabo-17:59 nalapho befice khona abagibeli ababili besavaleleke kwenye yezimoto.
FUNDA NALOLU DABA: Imoto ibhodloze udonga yayocwila kwi-swimming pool
“Ithimba lezicimamlilo kanye nezokutakula likwazile ukukhipha abalimele emotweni. Ababili kwabangu-9 abalimele bekuyizingane ezineminyaka engaziwa,” kusho abakwa-ER24.
Abalimele baphuthunyiswe eBheki Mlangeni District Hospital ukuze bathole okunye ukulashwa.
Image: ER24