UNgqongqoshe usezwakalise ukushaqeka ngokushiswa komtholampilo

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda eGauteng, uJacob Mamabolo, usezwakalise ukushaqeka ngokushiswa komtholampilo endaweni eyimijondolo eMeyerton.

Kubikwa ukuthi lo mtholampilo ongaphansi kwe-Midvaal Local Municipality ushiswe wangqongqa ngeSonto ebusuku ngabantu abangaziwa.

FUNDA NALOLU DABA: Amaphoyisa agxeka umphakathi ‘ozithathele umthetho ngezandla’

UMamabolo uchaze lesi senzo njengesibuyisela emuva futhi esiyisihluku, waphinde wanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane neziphathimandla ukubamba izigilamkhuba.

“Kuyishwa kakhulu ukuthi kusenabantu emphakathini yethu abakhombisa ukungabi nandaba nezingqalasizinda ezifana nomtholampilo, okuyimanje usuwumlotha.”

Image: Pixabay

Related Posts