BUKA: I-video abasolwa bedubula unogada ogcine eshonile

ISEXWAYISO: UMFANEKISO OKULOLU DABA UNGABAPHATHA KABI ABANYE

Sekuvele i-video ekhombisa isigameko sokudutshulwa kukanogada obesebenzela inkampani yonogada iBlue Security.

UPumzile Fitshane (44) kubikwe ngoMsombuluko ukuthi udutshulwe ngabasolwa okusolwa ukuthi bebozophanga umuzi eBluff, ngaphandle kweTheku ngoMsombuluko, ngokusho koMqondisi weBlue Security, uBrian Jackson.

I-video ekhombisa lesi sigameko ikhombisa abasolwa befika ngezimoto ezimbili ezehlukene kanti bebehlome ngezibhamu ezinkulu ezizishintshayo.

FUNDA NALOLU DABA: Useshonile unogada ‘odutshulwe abebezophanga endlini’

Bathe bangabona imoto yonogada basondela eduze, badedela inhlamvu kuFitshane.

UFitshane kuthiwa udubuleke ngasesinqeni ngesikhathi ebaleka ecasha ngemoto endaweni yesigameko.

NgoLwesibili abakwa-Blue Security bakuqinisekisile ukuthi uFitshane ugcine eshonele esibhedlela ngoMsombuluko ebusuku.

Zibonele i-video yalesi sigameko ngezansi:

Image: Blue Security 

Related Posts