BUKA: Umsebenzi wasesibhedlela ezibukela i-movie, ‘kuhlekwe nesiguli’

Sekuvele izinsolo zempatho engeyinhle okusolwa ukuthi kwenzeke kwesinye sezibhedlela zikahulumeni iPelonomi Hospital esiseBloemfontein, eFree State.

Omunye wabantu abasebenzisa uFacebook nozibiza ngo-Farrah Menego ufake enkudleni yezokuxhumana izithombe kanye ne-video okukhokalaka ukuthi kuqoshwe kulesi sibhedlela athi bekulaliswe kusona umama womngani wakhe obexinwe yisifo sama-ulcer. Usola ukuthi wangeniswa esibhedlela ngomhlaka-3 November ekuseni kodwa kwaze kwaba ngusuku olulandelayo engakaze abonwe umuntu.

Uthi lo mama wayegcinwe egunjini okugcinwa kulo izimpahla (storeroom) kanti bekuthi uma omunye wabasebenzi bakhona ecelwa usizo bese evele ezibukela i-movie. I-video eqoshiwe ikhombisa umsebenzi wasesibhedlela ezibusisa nge-movie kwi-cumputer yasemsebenzini.

FUNDA NALOLU DABA: Kuxwayiswa abagibeli nabazali ngesiteleka samatekisi kusasa

Kuphinde kube nezinye izithombe kanye ezikhombisa isimo esingesihle sengqalasizinda yasesibhedlela kanye nokungabibikho kwenhlanzeko.

“Izolo ebusuku ngo-21:30 umama ungifonelile ekhala ngokuthi bahlekisa ngaye futhi uthe bafuna ukumfaka ushevu,” ufundeka kanjalo umyalezo okusolwa ukuthi ubuvela kwindodakazi.

Zibonele ama-video kanjalo nezithombe ngalesi sigameko ngezansi:

Image: Farrah Menego Facebook

Related Posts