I-SAFA seyenze isivumelwano nabakwa-Audi

Inhlangano yebhola kuleli iSouth African Football Association (SAFA) seyenze isivumelwano sokusebenzisana nenkampani eyakha izimoto zikanokusho i-Audi.

NgoLwesibili abakwa-Audi ePolokwane bamemezele lesi sivumelwano sokubambisana neqembu lesizwe nesizokwenza ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter uthuthwe ngobutsetsetse bezimoto zakwa-Audi.

FUNDA NALOLU DABA: UKhune uphuke ithambo ebusweni, uzobona uchwepheshe – Chiefs

Lesi sivumelwano simemezelwe ngoyi-General Manager yakwa-Audi esikhungweni esisePolokwane uThembinkosi Pantsi nalapho bekhona ne-Group Marketing Manager, Piet Maluleke.

“Lokhu kuyingxenye yesivumelwano ne-SAFA kubhekwe phambili,” uPantsi ucashunwe esho kanjalo kwi-webisite ye-SAFA.

Related Posts