Useshonile unogada ‘odutshulwe abebezophanga endlini’

Kuthiwa kugcine kumenele unogada wenkampani yonogada iBlue Security okubikwe ngoMsombuluko emini ukuthi udutshulwe yiqulu labasolwa ngemuva kokuthi ebaphazamise bezophanga umuzi eBluff, ngaphandle kweTheku.

UPumzile Fitshane (44) kubikwa ukuthi uphazamise abasolwa abangu-8 okusolakala ukuthi bebozogasela kwelinye lamakhaya aseBluff ngezikhathi zasekuseni, ngokusho koMqondisi weBlue Security, uBrian Jackson.

FUNDA NALOLU DABA: Kuxwayiswa abagibeli nabazali ngesiteleka samatekisi kusasa

Uthi abasolwa bafike ngezimoto ezimbili ezehlukene kanti bebehlome ngezibhamu ezinkulu ezizishintshayo. UFitshane kuthiwa udubuleke ngasesinqeni ngesikhathi ebaleka ezocasha ngemoto endaweni yesigameko.

NgoLwesibili abakwa-Blue Security bakuqinisekisile ukuthi uFitshane ugcine eshonele esibhedlela ngoMsombuluko ebusuku.

Image: Blue Security

Related Posts