Uthi ubeleselwe ngezinsongo zokubulawa obhale incwadi ngoZuma

Umbhali wencwadi equkethe izinsolo ezishaqisayo ngoMengameli Jacob Zuma nesihloko sithi The President’s Keepers usedalule ukuthi uyafa yizinsongo zokuyiswa kwagoqanyawo kulandela ukuphuma kwale ncwadi yakhe esiphenduke undabamlonyeni kuleli.

Le ncwadi okuthiwa ithengisa okwamakhekhe ashisayo ezitolo zezincwadi zakuleli ibhalwe yintatheli ebhala ngezindaba eziphenyiwe uJacques Pauw kanti iveza izinsolo eziningi phakathi kwezinye ezokuthi kwaphela isikhathi esiyiminyaka emine uZuma engayingeni indaba yokwenza ama- tax return kwa-South African Revenue Service kanye nokuthi wayekweleta intela elinganiselwa ku-R63 million.

Ezinye izinsolo ezishaqise abaningi ezivele kule ncwadi yilezo zokuthi uMengameli wayeholelwa isamba semba esingu-R1 million ngenyanga yinkinsela kasomabhizinisi ongusomathenda kodwa wangayithi vu le ndaba kubaqoqi bentela. Kuthiwa lokhu kwenzeka uZuma esevele esenguMengameli wezwe.

FUNDA NALOLU DABA: Abencwadi yezinsolo ezishaqisayo ngoZuma ‘kuthiwa abayihoxise ngokushesha’

NgoLwesihlanu olwedlule abashicileli bale ncwadi i-NB Publishers badalule ukuthi sebeyalelwe i-State Security Agency (SSA) ukuba bayikhiphe ngokushesha le ncwadi emashalofini baphinde bahoxise nezinye izingxenye zayo.

NgoLwesibili ekuseni uPauw udalule ohlelweni lwe-SABC News, iMorning Live, ukuthi uthole ucingo olumsabisa ngokuthi uzophanjaniswa nemvula uma engayeki ukubhala ngoZuma.

Uthi kunomuntu obelokhu embelesele ocingweni ngenombolo efihliwe nowayelokhu eyiziba. Uthi wathi uma egcina eyibamba lo muntu wamtshela ukuthi: “Uma ungabe ungayeki ukubhala ngoJacob Zuma uzofa.”

Ngemuva kwalokho uthi lo muntu obefona ube esebeka phansi ucingo.

Image: Wikimedia Commons 

Related Posts