Inkampani yezindiza iBritish Airways (nesingethwe inkampani yezindiza iComair eNingizimu Afrika) ngoLwesibili yengeze amabhanoyi amabili azohamba emzileni ophakathi kwe-Port Elizabeth kanye ne-OR Tambo International Airport (ORTIA) eJohannesburg.
Oyi-Brand Communications Manager: British Airways (le ephethwe iComair) uthi lokhu kwengezwa kwamabhanoyi amasha kungenxa yokudingwa kwawo ngabagibeli.
FUNDA NALOLU DABA: I-SAA izogixabezwa ngomunye u-R4.8 billion
“Amabhanoyi amasha asuka e-OR Tambo International Airport ngo-13:30 kanye no-15:30 nsukuzonke ngaphandle kwemigqibelo. Azosuka ePort Elizabeth eya e-ORTIA ngo-15:44 kanye no-15:10,” kuchaza uLavery.
Uqhube wathi bakholwa ukuthi ukwengezwa kwalezi zindiza kuzolekelela umnotho kanye nokukhula kwezokuvakasha kulezi zindawo.
Image: Wikimedia Commons