Kuboshwe amaphoyisa omgwaqo ‘agwazise ngenkani’ umshayeli

Kuboshwe amaphoyisa amabili omgwaqo asebenza kuMasipala waseMsunduzi ngezinsolo zenkohlakalo ngoLwesibili.

Lama phoyisa, okungu-Welani Zondi (32) kanye noSiphesihle Zulu (26) baboshwe amaphoyisa ophiko lwe-Hawks Serious Corruption Investigations ngemuva kokusolwa ngokuthi athathe imali yokugwazelwa kumshayeli ePietermartzburg.

OKlebe bathi kusolakala ukuthi umshayeli ubegoloza emizamweni yala maphoyisa nokuphethe ngokuthi imoto yakhe iboshwe yilama phoyisa womabili, aphinde afuna ukugwazelwa ukuze ayidedele.

FUNDA NALOLU DABA: Kuboshwe umsebenzi wasesibhedlela ‘odayise imisebenzi ngo-R5 000’

“Kwenziwe umkhankanso womshushaphansi kanti laba bobabili baboshwe ngemuva kokuthatha imali kummangali. Babe sebebekwa amacala enkohlakalo,” kusho ama-Hawks.

Abasolwa bavele kafushane ePietermaritzburg Regional Court ngoLwesithathu nalapho bededelwe khona ngebheyili ka-R1000.00 umuntu ngamunye. Icala labo lihlehliselwe umhlaka-13 December 2017.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts