Kuboshwe umsebenzi wasesibhedlela ‘odayise imisebenzi ngo-R5 000’

Ulale ebaliwe umsebenzi wasesibhedlela iBheki Mlangeni District Hospital eGoli ngezinsolo zokudayisa imisebenzi, lokhu kuqinisekiswe nayilesi sibhedlela.

Umsolwa ubesebenzela iNational Health Laboratory Service (NHLS) nokuyisikhungo esingaphakathi esibhedlela iBheki Mlangeni.

Kubikwa ukuthi lokhu kuboshwa kuze ngemuva kokuthi amalunga omphakathi amathathu betheleke esibhedlela befuna umsolwa, befuna ukubuyiselwa imali engu-R5 000 isiyonke okusolakala ukuthi wakhokhelwa yona.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Umsebenzi wasesibhedlela ezibukela i-movie, ‘kuhlekwe nesiguli’

NgoLwesithathu, lesi sibhedlela sithe sibe ukuzwa nje ngalokhu, sabikela amaphoyisa ngokushesha, nafike abopha umsolwa.

Oyi-Chief Executive Officer uSebolaishi Mabyana uthi noma ngabe ngubani othenjiswa umsebenzi uma ekhokha imali kumele abikele amaphoyisa.

“Isibhedlela singathanda ukuziqhelelanisa nalokhu kuziphatha okunje bese siyakuqinisekisa ukuthi noma ngabe yimuphi umsebenzi, ozobanjwa ekwenza, kuzobhekwana naye ngendlela,” kusho uMabyana.

Image: Pixabay

Related Posts