Kudutshulwe unogada kasomlomo kamasipala

Unogada kasomlomo kamasipala udutshulwe washona ngamadoda amabili angaziwa eCaluza eMgungundlovu ngezikhathi zasekuseni ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa KwaZulu-Natal.

“Kusolwa ukuthi umufi, 30, ubengaphakathi emotweni kamasipala kuMazambane Road ngesikhathi ehlaselwa abalisa ababili abangaziwa abebehlomile abadubule amahlandla amaningi kuyena base babaleka.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: I-video abasolwa bedubula unogada ogcine eshonile

“Umufi uyiswe esibhedlela enamanxeba amaningi okudutshulwa nalapho emenyezelwe njengoshonile efika,” kulandisa amaphoyisa.

Amaphoyisa athi aphenya imbangela yalokhu kubulala kanti sekuvulwe necala lokubulala esiteshini sokubulala ePlessislaer.

Image: Pixabay

Related Posts