UMnyango uyaxolisa kwabagilwe yisiteleka samatekisi

UMnyango wezokuThutha usudlulise isixoliso ngokuphazamiseka kwabafundi, abasebenzi kanye namabhizinisi ngenxa yesiteleka sabamatekisi esiqale ngoLwesithathu ekuseni.

Ngaphambilini uMnyango unxuse amalunga eNational Taxi Alliance (NTA) ayingxenye yombhikisho ukuba asebenzise izindlela ezifanele, abhikishe ngokuthula futhi agweme nokuphazamisa.

FUNDA NALOLU DABA: Abagibeli, okubalwa nabafundi baka-matric, basale dengwane kuteleka abamatekisi

UMnyango uthi yize noma uMthethosisekelo wakuleli unikeza ilungelo lokuzwakalisa ilaka kodwa lokho kumele kuhambisane noMthethosisekelo kanye nemithetho yakuleli.

Kwezinye izingxenye zeTswane kuye kwadaleka isiminyaminya nokuholele ekutheni abashayeli bahambe emizileni yezimoto eziphambana nabo.

 

Image: SAPS Twitter Account

 

Related Posts